INKULUMO YEMEYA EKWETHULWENI KWESABELOZIMALI SONYAKA KA 2008/2009 EMKHANDLWINI, NGOLWESIHLANU ZINGAMA-30 NHLABA 2008, EZINDLINI ZOMKHANDLU, NGO 10:00
Somlomo
MaKhansela ahloniphekile
Imenenja kaMasipala neziMenenja-Jikelele
Zicukuthwane ezihloniphekile
Malungu omkhakha wabezindaba
Bafowethu noDadewethu

Isingeniso

Somlomo, isahluko 57 soMthetho wokuPhathwa kweZimali zoMasipala, uMthetho 56 ka 2003, sikubeka emahlombe ami ukuthi ngethule lesi sabelozimali phambi kwale ndlu ukuthi isamukele. Lesi sabelozimali ngisethula ngokukhulu ukuzithoba, sibe siwumphumela wokusebenza ngokuzikhandla kwabo bonke abasebenzi bethu.

Isamba sesabelozimali esisethulayo lapha phambi kwale ndlu singu R861, 578, 568 kanye no R409, 246, 608 oyimali ebekelwe ukusebenza ngonyaka kanye no R452, 331, 960 oyimali ebhekene nezidingo zansuku zonke kuMasipala.

Somlomo, ngesikhathi simatasatasa sihlanganisa lesi sabelozimali, kudingeke ukuba sibheke nezimo ezibucayi ezingaba nomthelela kithina njengohulumeni wasekhaya osathuthuka. Ukwehla kwamandla ezimakethe zaseMelika, ukwenyuka kwentengo kawoyela kanjalo nokukhuphuka kwamanani okudla ngokunjalo nemikhiqizo kubeke omkhulu umthwalo kubantu bethu. Njengoba kwashiwo ekuhlaleni kwe- Legotla yesifunda ngenyanga edlule, “iqiniso lithi njengamanje siyingxenye yokwenzeka emhlabeni wonke nokuthi kudingeka sikuveze lokhu endleleni esicabanga ngayo nesihlela ngayo izinto zethu”.

Kungalesi sizathu-ke Somlomo, senze isabelozimali esiveza ukubhekelela kwethu izimo ezimbalwa zomnotho nezenhlalo ezinomthelela endaweni esisebenzela kuyo. Ngiyafisa ukuthi ngibalule ukuthi, okokuqala nje, singuhulumeni wasekhaya owenza okubhekeke kuwo. Siyazibona izimo ezinzima ezikhona njengamanje ezibhekene nabantu bakithi nokuthi kumele sigcine ukulingana phakathi kokuhlangabezana nezidingo zezimo eziphuthumayo nokubamba iqhaza ekuthuthukiseni umphakathi ongcono okuzohlomula kuwo izizukulwane ezizayo.

Amanzi

Ukuhlinzekelwa kokutholakala kwamanzi ahlanzekile naphuzekayo kuhlezi kuphezulu futhi kusemigomweni yethu ukuthi sikwenze. Umgomo kazwelonke okumele kufinyelelwe kuwo yilowo wendebe yomhlaba ozoba ngonyaka wezi-2010 kanti siyakholelwa ekutheni umsebenzi omningi usuwenziwe ukuthi lo mgomo ufezeke kubantu abangaphezulu kwamaphesenti angu 68.

Esambeni sethu nesabiwa ngokulinganayo esingu R98, 8 wezigidi, sizotshala imali engango R76,9 wezigidi, ezinhlelweni eziphathelene namanzi ezinjangalezi ezilandelayo:
  • R21,5 wezigidi ukuze kuhlinzekwe amapayipi amanzi amahhala,
  • R24,1 wezigidi ozoxhasa imali ekhokhelwa amanzi kanye
  • No R12 wezigidi ozohlinzeka amanzi asebenza ngamamitha amahhala.
Emalini yeNgqalasizinda kaMasipala (Municipal Infrastructure Grant (MIG)) engu R149,2 wezigidi, sithathe isinqumo esinqala ukuthi sisebenzise imali engu R103 wezigidi kumaprojekthi engqalasizinda yamanzi, kuso sonke isifunda. Somlomo, lokhu kwenziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi umndeni wakwaLubanyana nowakwa Ncayiya edabuka eMahlabathini okuyindawo engaphansi kukaMasipala wasEzinqoleni kanjalo nomndeni wakwaMgobhozi, owakwaMtshali nowakwaMthethwa edabuka eMahlongwa ngaphansi kukaMasipala waseMdoni, eyakhala emihlanganweni yethu yesabelozimali ngokuthi abakabi nawo amanzi aphuzekayo, ngakho-ke kumele bawathole amanzi ngasekupheleni konyaka wezimali.

Kodwa Somlomo, ngesikhathi siqhubeka ukuthola isabelo esiphezulu sesikhwama soMkhandlu i-MIG kuhulumeni kazwelonke ngenxa yomlando wethu oncomekayo wokusebenzisa imali ngokuyikho, sicabanga ukuthi lesi sabelo asizoshabalalisa amaphesenti angama-32 esisilele ngawo emuva emsebenzini wethu wokuletha izidingo zabantu. Kungalesi sizathu sizoqhubeka nokubandakanya izikhungo eziqhubekayo nezithuthukisa uzwano ukuthi zikhokhele amaphrojekthi okwakhiwa kwengqalasizinda. Ibhange lokuzithuthukisa laseNingizimu Afrikha elaziwa ngele-Development Bank of Southern Africa liyaqhubeka nokuthi libe wumgcinimali wethu oyintandokazi ngenxa yokwenyuka kwenzuzo yalo okuncomekayo okungaba amaphesenti ama-4 kuya kwayisi- 5.

Ngonyaka ozayo wezimali, siyosebenzisa imali engango R60 wezigidi ohlelweni lokuNwetshwa koMzimkhulu nokuyiyona nto ezonika amandla nomongo ezinhlelweni ezikhona esizini somnotho wesifunda sethu.

Somlomo, ngonyaka odlule sike sasebenzisa ngenhloso yokuhlola uhlelo lokwelula amapayipi, okwasinikeza ithuba lokuthi sisebenze ndawonye nomphakathi ukuzama ukuwulethela amanzi emizini yawo. Umphakathi wanikela ngesikhathi sawo namandla awo ngaphandle kokulindela inzuzo. Wakhombisa ukulangazelela kwawo ukusebenzisana nohulumeni, ukuqhubekisela phambili ukulethwa kwezidingo nentuthuko. Kungakho sibiza lolu hlelo ngokuthi “wuHlelo lweMasakhane loKwelula amapayipi”. Kungihlaba umxhwele ukuthi ngimemezele ukuthi enye imali engu R10 wezigidi yabiwe ukuze ikwazi ukusiza ekuqaliseni ukusebenza kwalolu hlelo. Abasebenzi bethu sebekuphothulile ukuhlola ngokobuchwepheshe okwenziwe ezindaweni ezinjengaseNkungwini, eNgqolo naseMkhoba kuWadi 07 naKwaJiyajiya, eNyandeni naKwaMpofu kuWadi 09 kaMasipala waseMuziwabantu.

Ngesikhathi sethula iNkulumo ewuMhlahlandlela yeSifunda, sakubeka kwacaca ukuthi siyobathathela izinyathelo ezinqala labo abazixhumela amanzi ngokungekho emthethweni. Imizamo yethu iyona ekhokha amangquphe ayinzalo,njengoba kukhona owokuqala ogwetshiwe nabanye besazogwetshwa enkantolo yeMantshi yasePort Shepstone, emasontweni amabili edlule. Umsebenzi oqashwe wuMkhandlu owayethinteka ekukhwabaniseni, ugwetshwe izinyanga eziyisithupha ezilengiswe iminyaka emithathu nenhlawulo engu R2 500 okumele ayikhokhele uMkhandlu. Iqiniso wukuthi sizimisele ukuxebula izimpande zalokhu kukhohlakala, izenzo ezingekho emthethweni nokungaziphathi kahle phakathi kwethu. Ngizonezelela ngokuthi, Somlomo lokhu kuzixhumela amanzi okungekho emthethweni kuthinta bonke abakhokhi bentela. Akugcini endaweni eyodwa noma ohlotsheni oluthile lwabantu. Sesitholile ukuthi abantu abathintekayo bafaka nalabo abenza imisebenzi abayifundele abaqhamuka emiphakathini edla izambane likapondo noma ezindaweni ezihlala omntakabani kanjalo nabanini bamapulazi ngisho amalungu ombutho wamaphoyisa imbala.

Ukuthuthwa kwendle

Somlomo, sizoqhubeka ukusebenza ngokuzinikela ukuqinisekisa ukuthi siphakamisa izinga lendlela esifinyelelisa ngayo amaphrojekthi okuthuthwa kwendle kubantu, ikakhulukazi ezindaweni zasemaphandleni lapho uhlelo lweVIP lusezingeni elamukelekile.

Kulo nyaka wezimali, sibeke eceleni imali engango R17,4 wezigidi ukusiza ukuletha izindlu zangasese eziyizi- 5691 kubantu bakithi abahlala ezindaweni zasemaphandleni kulesi sifunda. Ngesikhathi semihlanganano yokudingida isabelozimali sethu owawubanjelwe ehholo loMphakathi lasePort Shepstone, ilungu elihloniphekile lomphakathi laliphazamisekile emoyeni ngenxa yokuthi sihlela ukusebenzisa imali engango R18 wezigidi kulezi zindlu zangasese. “Laba bantu abaholi imali enkulu ngokweqile sikhuluma nje? Le mali ingasetshenziswa ukwakha izikole nemitapo yolwazi noma iphe abantu okuya ngasethunjini”, kusho yena.

Ngiqinisekile amalungu ahloniphekile ale ndlu angazakhela isithombe emqondweni sokuthi wethuka kangakanani uma ezwa uhlobo lwezindlu zangasese esizozithenga! Akumele sikubukele phansi ukudideka okumayelana nemisebenzi esiyenzayo. Kuwumthwalo wethu ukuthi siqhubeke nokunikeza abantu ulwazi oluyilo. Umphakathi onolwazi uwumphakathi osimeme.

Sibheka ukusalela emuva kwemisebenzi okungamaphesenti angu 36 mayelana nezinsiza zokuthutha indle, akunzima ukubona ukuthi ukuzikhathaza kwethu ‘ngendlela elingejwayelekile” nokuyindlela uhulumeni kazwelonke asigcobe ngayo. Sibeke nganhlanye imali engangoR50 wezigidi ukuletha ukuthuthwa kwendle okususelwa emanzini ezindaweni ezisogwini ezisancike emathangeni adudula indle namathange okulondoloza indle. Izindawo ezisogwini ezizohlomula kulokhu zifaka, iPark Rynie, iPennington, Uvongo, iShelly Beach kanye neHarding.

Somlomo, silokhu sisho ukuthi lokhu esikwenzayo akubalulekile ngokwempilo yendawo okuhlalwa kuyo kuphela kodwa nangasohlangothini lokuthuthukiswa kwezomnotho. Angeke sandise amathuba emisebenzi uma singaluxazululi lolu daba lokuphathwa ngendlela kwamanzi athutha udoti. Njengoba kunezithangami zokushiyelana imibono eseziqalile ezindaweni ezinjengoPark Rynie nasePennington, umsebenzi uzoqala kungakapholi maseko.

Ukuthuthukiswa koMnotho waseKhaya

Izimo ezintekenteke zomnotho ezigqama ezimakethe zomhlaba zinomthelela omkhulu kokwenzeka ezindaweni ezinjengoMarburg, yiScottsburgh, noMthwalume noma Ezingolweni. Lokhu kusho ukuthi kumele sibheke kanzulu konke esingakwenza ukukhulisa umnotho wasezindaweni zethu, ngandlela yokuthi ukhule nakuba kunezinselelo kuzwelonke nasemhlabeni jikelele.

Isu lethu lokuThuthukisa uMnotho waseKhaya (LED) liyaqhubeka nokuba iyona nto esizimelele ngayo kulokhu. Onyakeni wezimali omusha, sibeke uR4 wezigidi ukuze kuvunyelwe isikhungo sokuThuthukiswa koMnotho wasekhaya ukuthi siqalise ukusebenza kwalo mbono. Ezinye zezinhlelo eziphambili okuzosetshenziswa kuzo lesi sabelozimali yilezi ezilandelayo:
  • Uhlelo lokuThuthukiswa kwaBakhi abasafufusa.
  • Uhlelo lokuThuthukiswa kwemifelandawonye
  • Ukulekelelwa kohlelo lokutshalwa kwezimali kanye
  • Nokuqalisa ukuthuthukisa amandla asebenza ngokushintshana.
Somlomo, emasontweni amabili adlule, uSihlalo weKomidi lokuHlela, ezoKuvakasha nokuThuthukiswa koMnotho (Planning, Tourism and Economic Development Portfolio Committee) wahola ithimba elaliya eCanada ukuze liyofunda mayelana nokuthuthukisa imifelandawonye engaba ngama-280 Umbiko obekwe phambi kwale ndlu ngesonto eledlule waveza ukuthi imifelandawonye ihlinzeka indlela esebenzayo, esekelweyo nezohlala isikhathi eside efaka zonke izinhlaka zomphakathi wethu emnothweni okhulayo ukuze kuphindaphindeke imikhiqizo yethu. Inhloso yethu ukuguqula izimpilo zabantu sizenze ngcono, ngokuqalisa ukusebenza Isu lokuthuthukisa imifelandawonye. Kubalulekile ukuthi sonke siqonde ukuthi lokhu akuzokwenzeka ngokuphazima kweso nokuthi kudingeka siqalise ukusebenza kwamasu okusebenza ukuze sikale inqubekela phambili yethu kulokhu.

Ezokuvakasha

Sibe nempumelelo ekwakheni uhlaka olulodwa lwezokuvakasha oluzokhangisa isifunda sethu lapha ezweni nasemazweni omhlaba. Njengoba nendebe yomhlaba yonyaka wezi-2010 isisalelwe yizinyanga ezingama-24 ukuthi iqale, isidingo sohlaka olufana nalolu siya sicaca bha. IBhodi yezoKuvakasha ogwini oluseNingizimu izokwamukela isamba esingangoR7 wezigidi, kanjalo no R4 wezigidi ukuthi kukhangiswe ezokuvakasha, kanti uR3 wezigidi osele ubekelwe ukuthuthukisa imikhiqizo emisha yezokuvakasha nezogxila kuleyo mikhiqizo egqamisa lezo zindawo eziyizintandokazi.

Kumele sizimelele ngokuba khona kwamathuba okuthuthuka kwezokuvakasha, nokuyiyona nto efaka kakhulu isandla kwi GDP yakuleli zwe.

Njengoba wazi ukuthi sizama ukuzibeka ezingeni lokuba yindawo ethandwa abavakashi ngezemidlalo, ngakho sizosebenzisa inkundla yethu yezemidlalo njengeshashalazi lethu. Sizosebenzisa ingxenye enkulu yesabelo sethu semali yezingqalasizinda zikaMasipala kule phrojekthi futhi sisebenza ngokuzikhandla ukunqoba lokho okuyizihibe ngokuqala ukutshala izimali okuhambisana nokwenziwa emhlabeni jikelele.

Ukuzinikela enhlanganweni ephumelelayo: enezinsiza ezifanele, enamakhono aphezulu nenentshisekelo

Somlomo, ukuze lo Mkhandlu uqhubekele phambili nokuletha izidingo zabantu nentuthuko, sidinga umsebenzi ozoba nentshisekelo, abe namakhono aphezulu abe nezinsiza azidingayo futhi asebenze ngokuzinikela okuhambisana nombono wethu wempilo engcono kubantu.

Emizamweni yethu ukuthi sihlinzeke abaqashwa bethu ngalokho abakudingayo ukuze lesi sabelozimali siqale ukusebenza futhi sizale izinhlelo zokulethwa kwezidingo ezibonakalayo, sibe sesizicaza kanje lezi zimali:
  • Izigidi eziyisi-9 zamarandi ukuze kwakhiwe ibhilidi elisha le-IED elizofukamela umnyango we-IED onwetshiwe ononjiniyela abongeziwe nochwepheshe abazodudula ukuqala ukusebenza kwezinhlelo zethu zokuthuthukisa ingqalasizinda.
  • Izigidi eziyi-12 zizolungisa amahhovisi okuSebenza kwaManzi, acekelwa phansi wumlilo ngasekuqaleni konyaka odlule. La mahhovisi azohlinzeka indawo enkulu nengcono yokusebenzela engaba wu54 wamaphesenti ayo yonke imali esiyenzayo.
  • Izigidi beziyi-10 zamarandi zizophakamisa izinga lezimoto zethu.
  • Izigidi eziyisi-8 zizophakamisa izinga lendawo yethu yokukhanda enkulu kunazo zonke engaphansi komnyango wezamanzi, eMarburg.
  • Sizoqhubeka nokugxila ekuqeqeshweni okuqhubekayo nokuqeqesha kabusha bonke abasebenzi namaKhansela. Lokhu kungukuzitshalela izimali kwethu okumele sikwenze ngokuzinikela.
Sihlonza isidingo sokuhlomisa abasebenzi bethu ngokuzobasiza benze umsebenzi wabo ngendlela, sifisa ukuphinde sigcizelele esikusho ngenhla ukuthi lezi zikhathi zinzima nokuthi sonke kumele singayisaphazi imali kodwa siyisebenzise ngobuhlakani.

Siyazi ukuthi kunesidingo sokuzama ukugcina imali yokwenza amabhizinisi ethu iphansi, ngakho sesigunyaze abaPhathi ukuthi basungule indlela yebhizinisi engajwayelekile yezinhlelo zokunciphisa izindleko. Lezi zinhlelo, zifaka nezidingo zokugcina amaholo engamaphesenti angama-35 ayo yonke imali ebekelwe amaholo. Nakuba lokhu kungumqansa, uma sibheka ingcindezi yokuthi siphila ezweni elifaka wonke umhlaba, kodwa sinokuyithemba iMenenja kaMasipala wethu, uMnu Luvuyo Mahlaka nethimba lakhe labaphathi abasezikhundleni eziphezulu.

Ukusiza umphakathi

Uma sibheka izinkinga zokuphila zabantu abaningi, sizoqhubeka nokuhlinzeka ukulekelelwa ngezimali ezihleshuliwe nezimali ezikhokhelwa abantulayo ukwehlisa umthwalo obhekene namakhaya amaningi mihla. Olunye lwezinhlelo zokwelekelela esinazo, yiNqubomgomo ebuyekeziwe yoKwelekelela abaHlwempu ezohlinzeka amanzi angaba ama 12kl emizini ewadingayo, enemiholo yanyangazonke engaphansi kwezi-R2000. Sesibeke eceleni imali engango R8,8 wezigidi ukuhlinzekela lolu sizo.

Izinhlangano eziqhubeka nokusebenza nemiphakathi yethu kumaprojekthi afundisa abantu ukuthi bazisize bona zizohlomula ngesamba semali esingango R400 wezinkulungwane. Umsebenzi wabo ukushayelela isiko lokuzimela lifanele ukuthi silisekele.

Izinhlelo eziyisipesheli

Somlomo, emhlanganweni wethu wokuzwa izimvo zabantu owawubanjelwe ehholo yedolobha laseHarding, uNksz Phindisile Njiyela, wakhononda ngokuthi asiwacazeli imali ngendlela eyiyo amaqembu akhethekile nabuthaka emphakathini. Impendulo eqondile kulo mbono ithi, siphindile futhi saba izimali ngale ndlela elandelayo mayelana namaqembu akhethekile nabuthaka emphakathini:
  • Intsha : R722 500
  • Abesifazane : R400 000
  • Asebekhulile : R170 000
  • Igciwane lesandulela ngculazi/ingculazi : R850 000
  • Isikhwama seMeya: R731 000
  • Amalungelo oMntwana :R 85 000
  • Izinhlelo zokuvikela amacala: R400 000
  • Amagugu : R400 000
  • Ukukhubazeka : R255 000
  • Amakomidi amawadi: R100 000
  • Isikhwama somfundaze weMeya : R80 000
  • Abasebenzi basemapulazini: R85 000
Ugu Lwethu

Ngesikhathi sethula inkulumo ewuMhlahlandlela yeSifunda ngasekuqaleni konyaka, sazibophezela ekuqhubekiseleni phambili ukuhlinzekwa kwemisebenzi nentuthuko. Ukuze lokhu kuzibophezela kusebenze, enyangeni kaNtulikazi kulo nyaka siyokwethula uhlelo lokuziqambela olubizwa ngokuthi Ugu Lwethu olwenganyelwe yihhovisi leMeya, oluzobhekelela ukufakwa emisebenzini kwabantu abasha abasanda kuqashwa emsebenzini komasipala basekhaya abayisithupha, abazosebenza ngokuzikhandla ezinhlelweni ezinjengokusizwa kwabaHlwempu, ukubhalisa nokuqinisekiswa, ukuphathwa nokuqwashisa ngokulahlekelwa amanzi, nezinye izindlela zokuzama ukuthola izimali, ukubala nje okumbalwa. Sibeke imali eyizigidi eziyi-5 ezobhekana nalolu hlelo. Ekupheleni kwalolu hlelo oluzothatha izinyanga eziyi-12, laba bantu abasha bayobe sebezuze iziqu zokusebenza njengabasizi babammeli ezisezingeni lesi-5 oHlakeni lokuqinisekiswa kweziqu, nokuzokwenyusa amathuba abo okuthola imisebenzi noma ukuthi baqale amabhizinisi abo.

Imali ekhokhwayo

Ukuze kuqinisekiswe ukuthi sikwazi ngokwanele ukulinganisa lesi sabelozimali, bekumele siguqule izimali ezikhokhwayo ngendlela ezovumela lokho, sibe sibheka nomsuka womnotho ongaphansi kwengcindezi, ikakhulukazi uma sibheka izimo zomhlaba jikelele.

Imali ekhokhelwa amanzi izokwenyuka ngo 7.5% kanti ukuthuthwa kwendle kuzokwenyuka ngo 9.90% okuzoqala ukusebenza kusukela mhla ka 01 Ncwaba 2008.

Isiphetho

Somlomo sibeke ezithebeni isabelozimali esinhloso yaso enkulu wukuqinisekisa ukuqhubeka nokuthuthuka kokutholakala kwemisebenzi kubantu bakithi. Ngesikhathi sezithangami zokuthintana ngalesi sabelozimali, savakashela imiphakathi engama- 21, sabamba imihlangano nabo sadingida izidingo zabo zo Uhlelo lweNtuthuko eDidiyelwe (IDP) okumele ibhekelelwe yilesi sabelozimali. Esakuthola ukuthi yisabelozimalo esicatshangisisiwe esikhombisa ukuzinikela kwethu okuphelele ukwehlisa ukusalela emuva kokuhlinzekwa kwezidingo kubantu, esiqhakambisa intuthuko nokutshalwa kwezimali nesihlinzekela inhlangano yethu ngezinsiza eziyizo ukuthi kuqale kahle ukusebenza koHlelo lwenuthuko eDidiyelwe (IDP)

Isabelo zimali siyifolosi ekuqaleni ukusebenza kwenqubomgomo. Siyakholelwa ekutheni singasimela ngazo zombili lesi sabelo zimali. Abaningi bazosishayela ihlombe. Idlanzana lizothola amaphutha kuso. Kodwa akekho ongangabaza uhlelo olunzulu nolungembozi lutho lesi sabelo zimali esisekelwe kulo.

Kumele-ke ukuba sithathe igxathu elikhulu eliya ekuqalisweni kokusebenza kwalokhu. Masiqinisekise ukuthi isikhathi sabantu sisetshenziswa ngokuyikho. Masenze imali yethu isisebenzele.

Ngiyabonga.

Cllr SB Cele
IMeya