INKULUMO EWUMHLAHLANDLELA YESIFUNDA YETHULWA WUMHLONISHWA, IMEYA KAMASIPALA WESIFUNDA UGU, IKHANSELA SB CELE, ZINGAMA-27 KUNHLOLANJA 2008, EPORT SHEPSTONE
Somlomo
ONgqongqoshe abahloniphekile abaqhamuka kuHulumeni wesifunda saKwaZulu Natali
IziMeya ezihloniphekile nabaholi bohlelo lohulumeni basekhaya
USihlalo weNdlu yabaHoli beNdabuko wesifunda naMakhosi abakhona phakathi kwethu
IziMenenja zoMasipala neziNhloko zeMinyango
Amafolosi ezamabhizinisi, abaholi bezakhiwo zomphakathi
Baholi bezenkolo nezinhlangano ezithintene nenkolo
Zivakashi zethu ezikhethekile, bafowethu nodadewethu
Malungu omphakathi wezindaba
Bantu besifunda Ugu

UKUQHUBEKISELA PHAMBILI UKULETHWA KWEZIDINGO NENTUTHUKO

Isendlalelo

Sihlangene lapha ngalokhu kuhlwa ukwemukela inkulumo ewumhlahlandlela yesifunda, Ugu, eyingxenye enkulu yesifunda saKwaZulu-Natal neRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrikha.

Sikwenza lokhu sinokuziqhenya okusifanele ngesikuzuzile nesesikulungele ukukumemezela ukuze kwaziwe yibo bonke. Lesi yisikhathi sokuthi sizihlole ngendlela nangezizathu eziyizo, sihlonze izinselelo eziphambi kwethu, siphinde sihlele amaqhinga okusebenza ukuhlangabezana nalezi zinkinga.

Kusithinta kwamancane ukuthi eminyakeni emithathu elandelanayo, sithole umklomelo weVuna ngokuba wuMasipala obashaya bonke emakhanda kulesi sifundazwe. Ngaphezu kwalokho, sesiyaziwa kuzwelonke ngoba salala isibili ezweni jikelele.

Siyazibophezela ukuthi singabi wumvakwezinye ezintweni esizenzayo.

UNgqaphambili

Sibuswa wuMthethosisekelo wethu osibophezela ukuthi sakhe umphakathi obumbene, obuswa ngentando yeningi, ongacwasi ngokobuhlanga, ongacwasi ngokobulili nonenqubekela phambili. Kwesinye isikhathi asiwashayi mkhuba la magama engiwabalule ngenhla. Sinokucophelela ukuthi sigqamise lezo zinto esingazuza kuzo. Lezo ziphawulo zimnandi ngokuphindwa, zizimele geqe engqikithini ezisetshenziswe kuyo, ngakho-ke ngizoziphinda futhi lapha ngezansi:
  • Obumbene
  • Obuswa ngentando yeningi
  • Ongacwasi ngokobuhlanga
  • Ongacwasi ngokobulili
  • Onenqubekela phambili
Lezi zinhloso kumele zisetshenzwe ngasikhathi sinye uma sifuna ukwakha kabusha ubunjalo bomphakathi esiwufunayo. Kuyohlala kunokungqubuzana phakathi kwezinto esifuna ukuzenza. Umlando wethu wenza ingabibikho indlela yokukugwema lokhu. Kungumsebenzi wethu ukuthi siphathe ngendlela eyamukelekile lokhu kungqubuzana bese sithola nokulingana okufanele.

Kumele siwuqonde lo msebenzi ukuze siwenze ngendlela eyiyo. Okusemqoka kulokhu yindlela isimo somnotho wethu esiyiyo nokuyisona esiveza ubunjalo bomphakathi wethu. Ubunjalo balezi zindaba eziphathelene nomnotho buyisisekelo sayo yonke into. Yibona obungaqinisa noma buxegise izibopho entshisekelweni yethu kulezi zinhloso. Uzobona emva kwesikhashana, ukuthi sigcizelela izinto ezinjengobunjalo bokukhula komnotho wethu nentuthuko ukubala nje okumbalwa.

Sekubuywa ePolokwane

Sihlangene lapha ngesikhathi esibiziwa “ngesikhathi sekubuywa ePolokwane” Kunezinto ezizama ukufaka abantu ungabazane, namanzi emadolweni, ezenza kukhohleke ukuthi izinkumbi zabantu zaba negidigidi ngomphumela wakhona. Njengomunye wabasho ngokuziqhenya ukuthi babekhona kule ngqungquthela eyaba yingqophamlando, ngingakuqinisekisa ukuthi akukho lutho okumele lufake itwetwe kubantu ngalokhu kushintsha ekuhanjisweni kwentando yeningi. Kuningi okumele kusatshwe uma izinto sezimi ndawonye nokuba nezimpande ezintweni ezingalethi ukuzalwa kabusha kwezinto nokuvuseleleka.

Sizimisele ukwenza kabusha izinto, namandla amasha azosenza siqhubekele phambili. Yiyona kanye indlela okumele siyilandele leyo.

Lokhu kwenza izinto kabusha namandla amasha kumele kuvele ezinhlelweni zomsebenzi wethu.

UMbiko wezimali oyiwo

Sisemukela ngazo zombili isimemezelo sakamuva nje soMhlolimabhuku Jikelele esibika ngomumo wethu wezimali ogculisayo nokwenza ukuba sibe nombiko wezimali oyiwo. Lokhu kuyimpumelelo enkulu nokuthi sazi ukuthi sisetiyeni likamongameli ngenxa yobuphofu.

Lokhu kuveza ukuzinikela kwethu ukubhekana nezidingo ezisemqoka. Ukuphathwa ngendlela kwezinsiza zethu ezimbalwa kuyinto ehamba phambili kukho konke ukuphatha kwethu. Kulolu daba sigqugquzela ukuthi omasipala basemakhaya esifundeni sethu abasenezinselelo eziningi, nokumele zibekwe phambili. Lokhu kuyinkomba yezinga lokwenziwa komsebenzi ngaphakathi kuMasipala. Lokhu kwenza umphakathi owusebenzelayo ube nokukwethemba. Lokhu kuthinta kakhulu izinga lakho lokukwazi ukuthola imali edingekayo nokukwazi ukuthola ukusizakala kwezinye izinhlaka zikahulumeni noma ezizimele. Inkundla yaBahlaziyi beziMali aBaphezulu esanda kuqala ukusebenza izosiza ukuqinisekisa ukuthuthuka kokuphathwa nokusetshenziswa kwezimali zikamasipala wasekhaya.

Sifisa ukuzwakalisa ukubonga kwethu kubo bonke abasebenzi nakwiMenenja: uMnyango wezeZimali, ngezincwadi yokuhlolwa komumo wezimali oyiwo esizithole iminyaka emithathu ilandelana.

Igunya esilinikwe wuMthethosisekelo: ukuhlela nokuhlanganisa

UMthethosisekelo waseNingizimu Afrikha usinika indima ebanzi ukuthi siyiklame ukuze sifinyelele entuthukweni yomnotho neyomphakathi obumbene, esezingeni elemukelekayo nelinokulingana. Ukuze sifeze le ndima kumele siqinisekise ukuhlanganisa izinhlelo zokuhlela nezokuqalisa ukusebenza kwalokhu. Le ndima idinga ukuba sisebenze ngokubambisana nomasipala bethu neminyango kahulumeni ngomoya wokubusa ngokuhlanganyela, nokuthi kuqinisekiswe ukuthi ukuhambisana emaswini athuthukiswayo.

Sigqugquzelwa inqubekela phambili esiyibona yenzeka ngokuqonda kwethu lolu hlelo, kanti kulo nyaka sizophindaphinda imizamo yethu ukuqinisekisa ukwemukelwa ngaphakathi kwalolu hlelo.

Kumele kucace ukuthi asikwazi ukulokhu sihlehlisa futhi sibeka umkhusu izinto ngezizathu ezingaqede kuyaphi. Ukusebenza ngokubambisana esifundeni sonke, nokubamba iqhaza okunezithelo ezibonakalayo zomasipala basekhaya kumele kuveze amasu ancomekayo aphathelene nalokhu:
  • Intuthuko edidiyelwe
  • Abezezindlu
  • Ukuthuthukiswa komnotho wasemakhaya
  • Uhlaka lwezikhala
  • Imisebenzi eyenziwa ngokuhlanganyela
Sihlabeke umxhwele ukubika ngokuzibophezela kwethu okubonakalayo nosekuthuthukile ngeminyango yethu yeziyingi eyenza ukusebenza ngokuhlanganyela kwenzeke. Kuleli sonto esisuka kulo iNkundla yoHlelo lweNtuthuko eDidiyelwe kanye noMkhandlu wesiFunda, Ugu weNgculazi bahlangana nababemele iminyango yesifundazwe nekaZwelonke. Kubalulekile ukuthi siwagagule amagama aleyo minyango:

UMnyango weZempilo, owezeMfundo, owokuThuthukiswa koMphakathi, owezokuThutha, owezeMidlalo nokuNgcebeleka, owokuHlunyeleliswa kwezimilo, uMbutho waMaphoyisa aseNingizimu Afrikha, owezoBuciko naMasiko nowezoLimo.

Iminyango isiqala ukumisa ngendlela isabelozimali esifundeni kanti manje sesineshashalazi lokuthi sazise futhi sifake imibuzo kulezi zabelozimali. Ukubaluleka kwalolu daba akumele kushaywe indiva.

IZINDAWO ZEMISEBENZI EZINQALA

Uhlelo lwethu lokubusa emakhaya lukalwa ngalezi zindawo ezinhlanu zemisebenzi enqala. Ekuqhubekiseni inhloso yethu yokuletha izidingo nentuthuko, sethula inkulumo ewumhlahlandlela yesifunda sisebenzisa lezi zindawo zemisebenzi ezinqala:
  • Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda nokulethwa kwezidingo zomphakathi
  • Ukuthuthukisa umnotho wasekhaya
  • Ukubusa ngendlela nentando yeningi
  • Uguquko nentuthuko yezikhungo
  • Ukutholakala kwezimali nokuphathwa kwazo
UKUTHUTHUKISWA KWENGQALASIZINDA NOKULETHWA KWEZIDINGO ZOMPHAKATHI

Somlomo, sesibe nempumelelo ekuqinisekiseni ukuthi le ndlela entsha emayelana nokuhlinzekwa kwezidingo kubantu bakithi yamukelwe. Nakuba kunjalo, siyabona ukuthi muningi umsebenzi osasihlalele ukuqinisekisa ukuthi sigcwalise imigomo yokuThuthukiswa kwenkulungwane-minyaka.

Amanzi

Ukutholakala kwamanzi kubo bonke abantu kuhlala kuyinto esizibophezela ngayo. Ngonyaka odlule, sathatha izinyathelo ezinqala ezizophindaphinda inzuzo yethu ukuqinisekisa ukuthi abantu abasezindaweni zasemakhaya ikakhulukazi, bayakwazi ukufinyelela emanzini okuphuza ahlanzekile. UNdunankulu wasesifundazweni saKwaZulu Natal, uDkt Sbusiso Ndebele wakucacisa, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ewumhlahlandlela wesiFundazwe ukuthi imizi engamaphesenti angama-31 esifundazweni KwaZulu Natal ayinawo amanzi aphuzekayo. Esifundeni sethu, amaphesenti angama-32 abantu bakithi abawathokozeli amalungelo okuba namanzi aphuzekayo emamitheni angama-200 ukusuka ezindlini zabo. Ngokwesifundo esisanda kwenziwa ebesinganyelwe wuMnyango wezaManzi, ukuqeda isimo sokusilela emuva ekuletheni amanzi esifundeni okuzodla imali engango- R1, 2 wamabhiliyoni. Lokhu kuwumqansa.

Ukuphendula le nselelo, sesamukele amasu amaningana azoqinisekisa ukuthi lendlela “engejwayelekile yokusebenza” iyaqala ukusebenza, njengoba lena kuyindlela uMongameli wezwe akhuluma ngayo ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ewumhlahlandlela wezwe. La masu afaka nalokhu okulandelayo:
  • Ukuphindaphinda imali efakwa ekwenzeni ngcono ingqalasizinda yokusebenza kwamanzi ngokusebenzisa imali ebolekwe esikhwameni seBhange lezokuThuthukisa laseNingizimu Afrikha i-DBSA nezinye izinhlaka ezobilekisa ngezimali kwabafuna ukuzithuthukisa.
  • Sisophe izindawo ezithinta kakhulu abantu esibasebenzelayo.
  • Ukuhlela okumayelana nalapho kuhamba khona amanzi ukunokunaka imingcele kamasipala.
  • Ukuqhubeka nokuhlela nokubhalisa esikhwameni sezingqalasizinda zikamasipala. Kulolu daba umlando wethu uyancomeka nokuyinto eholele ekutheni sithole isizumbulu se-R118 sezigidi nokusibeka phezu kwayo yonke iMikhandlu yezifunda ezweni lonke. Kulo nyaka wezimali omusha uMthetho wokwaHlukaniswa kwezimali, ongakaphasiswa, usabele u- R149 wezigidi. Ukubonakala kwethu kube wumphumela wokusebenza ngokuzikhandla kwethu.
Onyakeni ozayo, sizoqhubeka nokusebenzisana neningi labantu bakithi ukuze sithole izixazululo zezinselelo esibhekene nazo. Sizophinde siqhubeke nokukhipha uhlelo lukaMasakhane lokuNwetshwa kwamapayipi, lapho esisebenza khona nomphakathi oxhasa ngamandla awo umbe imisele ngaphandle kokubheka ukukhokhelwa ukuze kutholakale amanzi aphuzekayo eduze namakhaya abo. Njengoba bekusahlolwa ukuthi lolu hlelo lungasebenza yini, lubonakale luphumelela ngamalengiso, yingakho kubekwe eceleni imali engango-R10 wezigidi ezizobhekana nalolu hlelo kulo nyaka wezimali esikuwo.

Ngizothatha leli thuba ngikuhlabe ukufuna udumo ngokungafanele ngokufuna inkokhelo. Lokhu kuzobambezela ukuqala ukusebenza kwalolu hlelo. Ngenhlanhla, abantu bakithi sebebonile ukubaluleka kwalolu hlelo base bemelana nezinto ezingacekela phansi ukusebenza kwalo.

Somlomo, sifisa ukusho ukuthi sixwayise labo bantu abacekela phansi ukusebenza kwethu ngokuthi bazixhumele ngokungekho emthethweni amanzi emizini yabo. Siqalise uhlelo oluzothwalisa nzima labo abenza lokhu, sizobanaphaza sazise izwe ngezenzo zabo ezimbi. Singeze savumela umhobholo ukuthi ujivaze ukusebenza komthetho nokutholakala kwezimali kokugcinwa kwamanzi ohlelo lwethu lwamanzi.

Siyazi ngendaba yamanye amakhasimende ethu axhunyelwe amanzi ngokusemthethweni kodwa ngezizathu ezithile awakwazi ukuthola izitatimende zezikweletu zawo noma lawo angakhokhiswa imali okuyiyona. Sihlele ukuba kuhlolwe amabhuku ezimali ukuze sikwazi ukulungisa leli phutha.

Ukuthuthwa kwendle

Somlomo, sesenze imisebenzi ukuze abantu bakithi bakwazi ukuthola ukuthuthwa kwendle okusezingeni ngaphambi konyaka wezi-2010. Lokhu sikwenza sazi ukuthi ukuthuthwa kwendle kusilele emuva ngamaphesenti angama-74. Njengamanje sisilele ngamaphesenti angama-40 noma imizi engalinganiselwa ema-70 000. Kubukeka sengathi ngeke sikwazi ukuhlangabezana nemigomo yethu njengoba kungukuthi sisakwazi ukwakha izindlu zangasese eziyizi-5 000 kuphela ngonyaka. Somlomo, sesihlele ukuqhubeka nendlela yethu yokufuna izinsiza ezengeziwe ukusiza ukuhlangabezana nokushoda kwemali esabelwe yona yisikhwama sezingqalasizinda zikamasipala. Lokhu kubhekiswe ekuthuthweni kwendle ezindaweni zasemakhaya.

Mayelana nokuthuthwa kwendle okuncike emanzini, kukhona osekwenziwe endleleni yethu yokuhlonza lezo zindawo “ezazidinga ukunakwa kuqala”. Izindawo ezisenyakatho yesifunda sethu endaweni yaseScottsburg, ePark Rynie neyasePennington sezivele zifakiwe kulolu hlelo. Kanjalo, umsebenzi wokuxhuma usuqalile endaweni yaseShelly Beach, nezingxenye zendawo yasOvongo, njengoba sisalindele imali esiyiboleke eBhange lokuzithuthukisa laseNingizimu Afrikha emva kokusebenza ngokubambisana nalabo abanomhlomulo kulolu daba. Ukuphothulwa kwezimali ezikhokhwayo ezizosiza ukukhokhela lezi zinhlelo zokutshala izimali seluqhubeke kakhulu kanti siyazi ukuthi kumele siqaphele ukuthi sehlise izinga lokuphathwa budedengu kwezimali ezikhokhwayo. Lezi zinhlelo zamapayipi okuthuthwa kwendle ziyosiza ekukhuliseni izimakethe zokudayisa izindlu nokwehlisa izinga lengcuphe ethinta indawo esihlala kuyo nengaba yingozi emabhishi ethu.

Sifake noMnyango wezaManzi namaHlathi ohlelweni oluzohambisa phambili ukuhlinzekwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle kuzo zonke izikole nemitholampilo esifundeni sethu. Sizoqala ngezikole ezibekwe phambili ezingama-200 nemitholampilo engama-65 kanti lolu hlelo luzofukamela noHlelo lokusebenzisa iNtsha, lapho abantu abasha bezofaka isandla ukuphucula izimpilo zabantu, bebe bethola amakhono adingekayo ukuthi bazithuthukise. Lokhu sikubiza ngokuthi ukuqhubezela phambili ukulethwa kwezidingo emphakathini kanye nenthuthuko.

Mayelana namanzi nokuthuthwa kwendle, kumele nginike izibongo kwabafanele, ngikhuluma ngeKhansela uRonnie Nair uSihlalo weKomidi eleluleka uMnyango wezaManzi ngomsebenzi ocokeme awenzile.

Ugesi

Singabushayi indiva ubukhona bezinselelo ezidalwa wukusweleka kwamandla kagesi ezweni lethu, nokudingeka ukuba sibutholele isixazululo nokuzoqinisekisa ukuthi sithola ukuphakelwa okwanele esifundeni sethu. Sizoba nomhlangano wokudingida indaba kagesi enyangeni kaNdasa kuwona lo nyaka, sizosebenzisana nabalingani bethu kwezamabhizinisi, izakhamuzi nohulumeni, ukuze sidwebe ipulani lokonga ugesi, ukuqedwa kokusilela emuva kwalabo abalindele ukufakelwa ugesi, kanjalo nokuphakwa kukagesi kulabo asebevele bexhunyelwe izintambo.

Lo mhlangano uzosungula iNkundla yaMandla kagesi ezoqinisekisa ukuthi, kuhlolwe ngamandla ezinye izindlela zokwandisa amandla kagesi azophatha kahle indawo esihlala kuyo. Kuyangijabulisa ukubika ukuthi uphenyo lwethu lwemboni lungakwazi ukukhiqiza okusamafutha okunhlobombili seluqalile nokuthi abezimboni ezizimele abawaziyo umsebenzi wabo babandakanyiwe kulokhu- kohulumeni bethu basemakhaya nakuzwelonke. Ukwedlula lapho isivumelwano mayelana namandla angatholakala emoyeni sesizophothulwa nabantu bamazwe omhlaba abasezinkampanini ezizimele bazisiwe.

Sizothatha leli thuba sikhuthaze bonke abantu ukuthi babambe iqhaza ngokuzimisela emkhankasweni wokongiwa kwamandla kagesi. Imali ekhokhelwa ugesi isizomba eqolo.

Imigwaqo

Indlela imigwaqo yethu eyiyona okwamanje iyethusa. Kunamakhilomitha angama-850 emigwaqo enetiyela, namakhilomitha ayi-1 600 emigwaqo eyibhuqu. Lezi zinombolo zishiya ngaphandle izintuba ezingenelela emigwaqweni emikhulu nokuwumsebenzi womasipala bethu basemakhaya ukuthi bayilungise. Ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukulungiswa kwemigwaqo kuvumelana nezindawo ezihamba phambili ngokomnotho kulesi sifunda, sesimeme inhlangano kazwelonke yezemigwaqo ukuze iphuthumise ukwenzeka kohlelo lokutshala izimali ezindaweni ezingamelana nalokho. Okuzohamba phambili kuzoba yileyo migwaqo engenela ezikoleni nasemitholampilo, nakwezinye izindawo ezisiza umphakathi. Lo nxantathu wobuxhakaxhaka obuphakathi kwePort Shepstone, iShelly Beach, iGamalakhe neMargate, uzothola ukunakwa zisuka nje. Ukuzama ukuwenza ngendlela umsebenzi wethu wokuhlanganisa izinto esifundeni sakithi, sizoqhubeka sisebenzisane nomasipala bethu basemakhaya ukuqinisekisa ukuphucula kanjalo nokunakekela imigwaqo yethu.

Sesitshale imali enkulu ekuphuculweni kwemigwaqo engenela eHarding. Ukugcinwa kwayo isesimweni futhi ihlanzekile kuselokhu kuyinselelo.

Sesiphinde sahlonza izindawo zaseMzinto neyasEzinqoleni njengezidinga usizo oluthi alufane nalolu.

UKUTHUTHUKISWA KOMNOTHO WASEKHAYA

Isifunda sethu, njengalo lonke izwe laseNingizimu Afrikha, sibhekene nezinselelo zokuntuleka kwemisebenzi, ububha nokungalingani ngokwamazinga empilo. Ngokwezifundo ezenziwe wumasipala, imiphumela yaso ekhishwe ngesonto eledlule ithi, imizi engaba ngamaphesenti angama-75 esifundeni ihola imali engaphansi kukaR1 600 ngenyanga nokuthi umphakathi ongaba ngamaphesenti angama-56 awubambi qhaza ekuthuthukisweni komnotho. Ngesikhathi simatasa sifuna izisombululo zezinselelo zethu, kuyomele sikhumbule indima okumele iklanywe uHulumeni waseKhaya osaThuthuka ukuze sikwazi ukuqalisa ukusebenza “kokuThuthukiswa koMphakathi noMnotho kanjalo noGuquko”.

Somlomo. iNgqungquthela yama-52 yeqembu le-ANC eyayibanjelwe ePolokwane, nengaba nenhlanhla ukuthi ngiyethamele njengesikhonzi esizithobile nesizinikele sabantu, ngabhekisisa kahle ukuthi:

“Isikhali sethu esinamandla kunazo zonke ekulweni nobubha wukudala amathuba emisebenzi esezingeni elemukelekayo. Ngaphezu kwalokho, izinselelo zobubha nokungalingani kwezinga lempilo kudinga ukukhula okusheshayo okuzokwenzeka ngenxa yokwabiwa ngendlela kwamasu okuzithuthukisa”.

Kumele ngishayele ihlombe ubuholi obumangalisayo nokuzimisela okuvezwe yisekela leMeya yethu uKhansela NR Bhengu ophinde abe wusihlalo weqembu eleluleka abaPhethe kulo msebenzi. Ngaphansi kobuholi bakhe ukuThuthukisa uMnotho waseKhaya kudlondlobala ngesikhulu isivinini futhi sekuzoba omunye “wemisebenzi emile” kamasipala, kube kufanele.

Ukuqedwa kobubha

Kulo nyaka, ngokuholwa yiSu lethu loMnotho waseKhaya elichaza konke, nelichazwe wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho njengeli “kholekayo, elibhekela isimo nelinomgomo ongafezeka”, sizoqhubeka nokuqalisa ukusebenza kwamaprojekthi obuholi aqondene nokuqeda ububha, azonika amandla kubantu ngokubanika amakhono ukuze baphucule izimpilo zabo.

Ukulandela leli su, sizogxila kulezi zinhlelo:
  • Zokuhlinzeka ukusekela okwengeziwe kubakhi abasafufusa
  • Ukuqinisekisa uHlelo lokuSekela imiFelandawonye lapho-ke, Somlomo, kuphakanyiswa futhi kulindwe ngabomvu abangase bengenelele kule ngxenye yomnotho wethu.
  • Ukuphindaphinda ukwesekela okunikwa omasipala basemakhaya mayelana nezinyathelo ezithathelwe ukuthuthukisa umnotho wethu.
  • Siqinise imizamo yokutshala izimali ngaphandle kanjalo nokuzitshala lapha ezweni lakithi.
  • Ukucela ukwakhiwa kwezizinda zezingcingo ukuze kwakheke amathuba emisebenzi – okuhlobene nalokhu, kusihlaba umxhwele ukubika ukuthi sizoqala iprojekthi ezodla izigidi ezi-R2 ezizobhekelela ukufakwa kwengqalasizinda yokuxhunyelwa izintambo endaweni yaseHarding, egudla umgwaqo omkhulu uN2. Lokhu kuzoguqula ezokuxhumana esifundeni sethu. Eminye imininingwane ngalolu daba luzovezwa ngesikhathi esifanele.
Mayelana nalokhu engigcine ukukhuluma ngakho, Somlomo, kuyangithokozisa ukuthi uhlelo lokuThuthukiswa kokuTshala izimali seluqalile ukusinika amangquphe. Ngesonto eledlule sisayine isivumelwano nenkampani eyenza ibuye iThuthukise izinto eziphathelene nobuchwepheshe. Lokhu kwaba wumphumela ngqo wemizamo yethu yokutshala izimali emazweni asePortugal nakwelaseSpain. Lesi sivumelwano sizoholela ekuhlonzeni izindlela zokutshala izimali endaweni ezokhiqiza izigidigidi zamarandi ezokwakha izinto zobuchwepheshe ezizochaza kabusha imboni yezokwakha kuzwelonke.

Kumele sikuzwakalise ukubonga kwethu kuNgqongqoshe wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho, uDkt Zweli Mkhize, kanjalo nabezokuHweba nokutshala izimali esifundazweni saKwaZulu Natal, ngokuhlala njalo besesekela futhi besikhombisa indlela kulolu daba.

Unyaka ka2010 nobuholi

Amaprojekthi ethu obuholi afana nendawo yethu yezemidlalo eyaziwa ngele- Ugu Sports and Leisure Centre kanjalo nalapho kudayisa khona imifino nezithelo -Ugu Fresh Produce Market eza kahle kakhulu. Mayelana nendawo yezemidlalo, sithande ukuyidweba kabusha indlela ozokwenziwa ngayo umsebenzi ukuze ihambelane nesimo sendawo okwakhiwa kuyo, siyazi ukuthi le nhloso yethu ukusebenzisa le ndawo ngesikhathi sendebe yoMhlaba ka2010 kuzokwenzeka. Esifuna ukukwenza esikhathini esizayo, ngaphesheya kuka-2010, ukubona le ndawo isisetshenziselwa ukuqeqesha abadlali balapha nabasemazweni aphesheya, siyabona ukuthi mningi umsebenzi osuwenziwe ngokuhlanganyela nabezinhlangano zezemidlalo, okusekelwe wuMnynago kaZwelonke wezeMidlalo nezokuNgcebeleka.

Iqiniso nje Somlomo ukuthi, emhlanganweni ogcinile weKomidi lesiFundazwe eliBhekelele izindaba zika-2010, lapho uNgqongqoshe ohloniphekile uDkt uZweli Mkhize aye nguSihlalo wawo, uhlelo lukaMasipala Ugu lokulungela ukuthwala indebe yomhlaba ka-2010 lwashayelwa izandla lwaphinde lwashiwo njengoluhle kunazo zonke izinhlelo zoMasipala esifundazweni jikelele.

Ukulungiselela ukwakhiwa kwemakethe edayisa izithelo nemifino, uHlelo lwethu lokukhombisa ukuthi sizoliqala kanjani ibhizinisi olubukeziwe seluphothuliwe. Leli su lizoqinisekisa ukuthi izinhloso le makethe eyayakhelwe zona. Njengoba ingxenye enkulu yesifunda sethu ingeyasemakhaya, kubalulekile ukuthi sakhe izimakethe ezifanele ngezinhlangano ze SMME kanjalo nemifelandawonye ukuze sikwazi ukuqalisa uguquko kwezoLimo.

Ukushintshwa kwezeMihlaba nakwezoLimo

Abantu bayavumelana ngokuthi ukuze izwe lethu lifinyelele emgomweni elizibekele wona, kumele kuqinisekiswe ukuthi kunoguquko olusheshayo noluphuthumayo endleleni okuphathwa ngayo ezemihlaba nezoLimo ukuze kukhuliswe umnotho kubuye kuvulwe namanye amathuba emisebenzi ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya. Ngokwabobumbano lwezoMnotho kuHulumeni wesifundazwe saKwaZulu Natali, lokhu kudinga umnotho ohlelwe ngendlela nokwabiwa komhlaba nezimali okulinganayo, kanjalo nomphakathi ohlukahlukene emapulazini enza inzuzo namabhizinisi ezolimo.

Umbuzo okumele siwubuze Somlomo, yilo: Yikuphi okuyimpendulo yalesi simemezelo sikazwelonke nesifundazwe salolu hlelo lwezolimo oluvuselelwe? Ngihlabeke umxhwele wumbiko wokuthi umhlangano weZoLimo ozobanjwa ngoNhlangulana kuwona lo nyaka. Kudingeke ukuba senze umsebenzi omningi ukuze sikwazi ukubhekana nale nselelo ngokwenzeka esifundeni sethu.

Ukuze sikwazi ukufinyelela ekwabiweni kukazwelonke kwamapulazi akade ephethwe abamhlophe ngonyaka wezi-2014, okulingana namahektha angama-24 ezigidi, kudingeka sizibuze ukuthi yimuphi umgomo wethu njengesifunda nokuthi kumele sisebenze ngayiphi indlela ukuze sihlangabezane nawo.

Umgomo wesifunda uyi-1,2 sezigidi zamahektha kuze kube yimanje uMnyango wezeMihlaba usakwaze ukwaba kabusha amahektha angama- 301 054 kubantu abangama-49 036 okumele bawathole. Ukwenezezela kulokhu, iKhomishani yesiFunda sokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa imihlaba isibuyisele imihlaba engamahektha angama-530 000 kubanikazi abangama- 37 000.

Lo mhlangano wokwabiwa kwemihlaba uzosisiza ukuthi sithole izimpendulo zale mibuzo eminingi nokuthi sibize labo esibambisene nabo ekuqhubekiseleni phambili ukwabiwa kabusha kwemihlaba.

UMnyango wethu weNgqalasizinda nokuThuthkiswa koMnotho uqedela umsebenzi wawo wokuthuthukisa amasu nenqubomgomo ukusekela labo okumele bahlomule kuzo zombili izinhlelo, njengoba sidinga ukuqinisekisa ukusungulwa kohlelo lwabalimi abamnyama abenza inzuzo ukuthi zenze kusebenze izinto ezibalulekile ezikhulisa umnotho wezolimo olubuyekeziwe.

Kumele sizwakalise ukubonga kwethu imizamo yabaningi engxenyeni yamapulazi aletha inzuzo, bonke abalimi abamhlophe, ekuzameni ukuguqula lo mnyango. Siyazwelana nokukhathazeka kwabo okusuka ekuhambeni kancane kohlelo lokubuyiselwa kwemihlaba. Umhlangano wabamele le minyango ubekelwe uNdasa kuwona lo nyaka.

Ezokuvakasha

Ngokwemibiko yabengamele ezokuVakasha eNingizimu Afrikha, ezokuvakasha ziletha imali engango-R66 wezigidi emnothweni waseNingizimu Afrikha ngonyaka. Sezidlula igolide futhi ezokuvakasha yizona esezidala amathuba emisebenzi nokuthi abantu baqashwe ngokugcwele ngesilinganiso somsebenzi owodwa ngabavakashi abayisi-7 abafikile.

Ukuthuthukiswa kwezokuvakasha nokuguqulwa kwamasu ezokukhangisa nokuthi siqhubeka ngendlela elindelekile. Ngesikhathi ngethula inkulumo ewumhlahlandlela yesifunda eyedlule, sabona ukuthi singebe sisakwazi ukwenza izinto ngaphandle kokubambisana uma sibheka indawo yezokuvakasha. Kuyasithokozisa ukubika ukuthi:
  • Isakhiwo esisodwa sezokuvakasha, esibizwa ngeleUgu South Coast Tourism Board sesisunguliwe.
  • IBhodi laBaqondisi seliyasebenza kanti zonke izikhundla sezigcwalisiwe ngabamele labo abangahlomula lapha njengoba kwavunyelwana.
  • Isikhulu esiphezulu seBhodi lezoKuvakasha lasOgwini oluseningizimu sesiqokiwe saze saqala nokusebenza lu-1 Nhlolanja 2008.
  • Sibeke eceleni imali eyizi- R3 zezigidi ukukhangisa ezokuvakasha nezigidi ezi-R2,5 ukuze kuthuthukiswe imboni yezokuvakasha.
Somlomo, sinesiqiniseko sokuthi ubuholi baleli bhodi, obungaphansi kukaNksz Joy Cruchfield, isikhulu esiphezulu esingMnu Michael Bertram nalo loke ibhodi. Sebevele banaso izivumelwano nenhlangano yomhlaba yebhola likanobhujuzwayo i-FIFA-MATCH sokuthi isebenzise imibhede engengaphansi kwama-800 ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi “UHLELO LOKUSAYINISWA”, kanti umgomo uqala emibhedeni eyizi-2000 ngowezi-2009. Leli bhodi lizibekele ukuqhamuka namasu anobuchule nangambi eqolo azoqinisekisa ukukhula nomnotho osimeme wezokuvakasha okuzodala amathuba emisebenzi nokuzoqeda ububha esifundeni sonke.

UKUBUSA NGENDLELA

Somlomo, ngonyaka owedlule safuna esasizobambisana nabo ukuze sikhule siphinde sithuthuke esifundeni sakithi. Isihlaba umxhwele indlela abantu abalusukumele phezulu ngayo lolu daba kuwo wonke amazinga omphakathi wethu. Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi abantu bakithi basakholelwa futhi basenethemba ohlelweni lokubusa ngokuhlanganyela lwesifunda sethu, Kodwa phela kusekuningi esisangakwenza ukwenza ngcono lolu bambiswano.

Sifuna ukusebenzisa ubambiswano olubalekayo kanye nenhlangano yethu yezabasebenzi mayelana namakhono okuzithuthukisa nemikhiqizo. Siyazi ukuthi basaxinwe yimisebenzi ethile eminyangweni abakuyo. Kodwa-ke silubalubela ukukha khambeni lunye nhabo kulokho abakutholile. Sizophinde sense imizamo ngokubambisana ukuze sifake nabamabhizinisi amakhulu kulokhu. Kunezinkampani eziphezulu eziyi-10 esiFundeni sethu ezinemibono eshaya emhlolweni mayelana nokuhlinzeka kanjalo nokuthatha izinqumo kwethu.

Ubugebengu

UNdunankulu waKwaZulu Natali wakusho ukuthi, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kubantu bakulesi sifundazwe sethu esihle ukuthi ngeke sikwazi ukuvumela ukungabibikho komthetho kubuse imiphakathi yethu.

Ngamagama akhe, “sahlula ubandlululo ngakho-ke ngeke sivumele ukuba sehlulwe ubugebengu nodlame.”

Lapha phakathi kwethu kukhona abaphathi abaphezulu boMbutho waMaphoyisa aseNingizimu Afrikha esifundeni. Sifuna ukuphinde sizisho izisombululo zethu kubo bonke abantu ukuqinisekisa ukuthi isifunda sethu siphephile kubantu bethu, abavakashi nabatshali bezimali ukuze sikwazi ukwakha indawo yokuhlala ezovumela ukukhula nentuthuko yomnotho.

Simagange ukuthi siqinise iziNkundla zamaPhoyisa asebenzela eMphakathini esifundeni sethu. Abantu bakithi abasemazingeni aphansi okumele babe amehlo nezindlebe zamaPhoyisa.

Inhlakanipho ingaba yisixazululo sale nselelo ngokungaze kufike emaphesentini angama-50.

Inkohlakalo

Imizamo yethu yokwakha isifunda esinempilo nesisebenza ngendlela esiyimpendulo yezidingo zabantu bakithi okungafanele baphathwe kabi yinkohlakalo, engaqhamuka kubaholi, abasebenzela uhulumeni noma izinkampani ezizimele.

OMasipala, ngoMnyango woHulumeni baseKhaya neziNdaba zeNdabuko, basayinela ukuzibophezela ukuvikela nokuxebula noma yiziphi izenzo zenkohlakalo endleleni yokusebenza. Simema umphakathi ukuthi usebenzisane nathi ekuqinisekiseni ukuthi indlela yokuziphatha kahle iyavela ezikhungweni zethu.

Bekulokhu kunezinsolo zokuthi abantu abathile basebenza ngenkohlakalo kwezinye izinqumo eziyimfihlo zezinhlaka zoMkhandlu.

Isibonelo izinqumo zokuqashwa eziwubufakazi kumele yenziwe ikomidi eliqondene nalokho. Ophule umthetho, ongathola ulwazi oluthile, bese ekhuluma nalowo okhipha amathenda ukuze aguqule isinqumo sakhe ngokumgwazisa. Lowo ofuna amathenda uyaqolwa ukuze agcine ekhokhile.

Angeke singabaze ukubhixa igama lalelo bhizinisi elenza izenzo ezinjalo ngaphezu kokuba sebebekwe icala lasenkantolo. Kodwa, sikhuthaza labo abazithola benxenxwa ukuba bazibandakanye kulezo zenzo ukuthi baveze lezo zenzo. Sithembisa ukuthi amagama abo awayikudalulwa. Lokhu ukwenzela abantu bakini.

Ukubamba iqhaza komphakathi, ezokuXhumana nabeziNdaba

Ukwethulwa kwakamuva nje kweNkundla yabaXhumanisi besiFunda kuyigxathu eliya ngakhona. Le Nkundla izoqinisekisa ukuthi ukubamba iqhaza komphakathi kuba yiyona nsika yezinhlelo zethu zentando yeningi njengoba singeke sibe nenqubomgomo, izinhlelo ezingakhombisi ukucabangisisa, ukufaka isandla nobunini bezinkumbi zabantu bakithi.

Ngasekupheleni kukaNdasa, siyoqala, ngokubambisana nomasipala abangaphansi kwethu, uchungechunge lwezinkambo zasemgwaqeni ozohambisa uhlelo uHlelo lweNtuthuko edidiyelwe kanjalo nepulani yesabelozimali sonyaka wezimali omusha. Sivamise ukuphumelela ekwenzeni lokhu. Kukhona esikufundayo.

Silokhu simile ekuqinisekiseni ukuthi yonke imihlangano yethu yomkhandlu neyamakomidi ivulelekile kwabezindaba. Kwakuke kwenzeke kudal ukuthi lezi zintatheli esezimkantshubomvu zethamele imihlangano zikwazi nokubeka izindaba ngendlela enokungachemi. Ngebhadi, lokhu akusenzeki.

Siphonse inselelo kwabezindaba kulokhu kanti kubonakala sengathi abazimisele ukukhipha izinsiza ezanele ezidingwa wumphakathi. Akwethusi-ke nokho ezinye izindaba zabo zibukeka zingenabuqiniso.

Lolu wudaba okumele silufakele izibuko. Kungabe sidinga ukuzishicilelela thina izinto eziveza izindaba nezikhangiso? Kulezi zinyanga ezizayo sizokhulumisana nalabo abanomhlomulo kulolu daba.

Ubuholi bendabuko

Siyaqhubeka ukwazisa nokuhlonipha indima eklanywe abaholi bendabuko esifundeni sakithi. Ngalobu buholi obunemibono benkosi uSazi Ndwalane, oqhamuka eNdlini yobuholi beNdabuko besiFunda nohla enemasu omsebenzi wokuthuthukisa abantu bakithi. Njengoba uMongameli wakuleli zwe lakithi asho, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eNdlini kaZwelonke yabaHoli beNdabuko maduzane: “UHulumeni uhlala uzinikele ukuthuthukisa lokho osekutholakele kuze kube yimanje, uphinde uzibophezele ukuvikela nokuqhubekisela phambili indima eklanywe yisikhungo sobuholi bendabuko ekuphenduleni lokho okubekwe kuzwelonke.”

Izinhlelo ezikhathekile

Somlomo, ngifisa ukuncoma umsebenzi esiwenzelwe yinsephe kwezokulwela inkululeko, uMfu Dkt Mgojo, onguSihlalo weNkundla yezakhamuzi esezikhulile zasesifundeni sakithi. Ukhombise intshisekelo enkulu ngeqhaza alibambile kanti nathi siyazibophezela ekusebenzeni ngokubambisana ukuqhubezela phambili izindaba ezithinta izakhamuzi esezikhulile, nokungabantu abayingxenye enkulu yabantu besifunda sethu.

Igciwane lesandulela ngculazi nengculazi iyaqhubeka nokuba yinselelo edinga imizamo nokwesekwa yiwo wonke umuntu. Kumele siyeke ukuyibona njengenkinga yabezempilo. Kumele siyibone njengento ekhinyabeza intuthuko bese siqala ukuqhqmuka nezindlela zokusiza lapho kufanele khona.

Sizoqhubeka ukusebenza siqondiswa isu elichaza indlela yokusebenza likazwelonke, ngokubambisana nalabo abazohlomula, abamabhizinisi nemikhakha ehlukene. UMkhandlu weNgculazi wesiFunda sethu uqala ukukhombisa ukuphathwa ngendlela eyiyo. Kodwa singaze siqale ukugubha uma sesinobufakazi obuphathekayo bokwehla kwenani labantu abathelelekayo.

Uhlelo lwethu lokuThuthukisa iNtsha lwamukelwa ngomkhulu umfutho. Umsebenzi wokuqhamuka namasu okuthuthukisa intsha seluqalile kanti lubhekela ukuthi umphakathi ongamaphesenti angama-56 ongabambi qhaza kwezomnotho, neningi labo okungabantu abasha. Siyajabula ukubika ukuthi ukusebenza KweNtsha kuzwelonke kuyakhula kulo nyaka, njengoba siqalisa ukusebenza kwezinhlelo zokuthuthwa kwendle ezikoleni ezingama-200 ezikoleni nasemitholampilo eangama-65.

Uhlaka olusha lwezikhungo lwezinhlaka zentsha luyaqalisa ukusebenza. Abantu ababhekene nalokhu kanye nesabelozimali kukhona. Senezele nendawo yokusebenzela. INtsha yethu kumele ikubone lokhu.

Izinhlelo zethu mayelana nabesifazane, abakhubazekile, abantwana nabasebenzi basemapulazini zizoqhubeka ukuthola izinto ohlelweni lwethu lonyaka.

Ezemidlalo

Kulowo nalowo nyaka sibona ukubamba iqhaza ngonomfutho kwentsha ezinhlakeni ezihlelekile. Lokhu kugcina imidlalo yaminyaka yonke yakwaSalga eyabanjwa ngempumelelo esifundeni sethu. Sizibophezele ekuqiniseni lo mkhakha obaluleke kakhulu kanti masinyane nje sizoqoka iMenenja yokuthuthukiswa kwezeMidlalo ozosiza nagmalungiselelo ayiwo.

Ukulwisana nobubha

Ukuphendula isimemezelo esenziwa wuMongameli sokuphakwa kwempi ezobhekana nobubha, sizoqala umkhankanso ozokwenza ukuthi ubuholi boMkhandlu wethu bube khona komasipala basemakhaya, ngokubambisana nabasezikhundleni nezinhlangano ezizimele, ukuthi siphume sihambe sibhalisa amagama ezingane, abesifazane, abakhubazekile nasebekhulile abakhungethwe wububha. Kumele sikhombe laba bantu bese siqhamuka nezindlela ezizoqala ukubhekana nobucayi besimo ngendlela ehlelekile.

Ezemfundo

Siyakholwa ukuthi umkhakha wezemfundo ungaklama enkulu indima ekufinyeleleni ezinhlosweni ezibekiwe.

Ake ngithathe leli thuba ngihalalisele ngiphinde ngamukele ngezandla ezifudumele iMenenja yesifunda esanda kuqokwa, uMnu Mfundi Sibiya. Kumele sicobelelane ngakho konke esikusebenzisayo. Othisha ngokungephikwe yibona abanekhono elibaluleke kunawo wonke emiphakathini yethu.

Yilona futhi ithuba lokuthi sizwakalise ukwesekela ukuphakanyiswa kokuthi abafundi bathathe isifungo ezikoleni. Kusenenkulumo-mpikiswano ngalolu daba ngenxa yamazwi asetshenziswe kulesi sifungo, kanti le nkulumo-mpikiswano kumele iqhubeke ize ifike esiphethweni. Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi umgomo walesi sifungo wesekwa yiningi le mikhakha.

UKUGUQULWA KWEZIKHUNGO

Isidingo sokubuyekeza okuqhubekayo ngemishini ehambisa impahla yiyona nto okumele ihambe phambili. Singeze sikwazi ukuqhubezela phambili ukulethwa kwemisebenzi kubantu nentuthuko uma singabeki basebenzi abaqonda baphinde babe nemibono ehambisana neyethu ekwenzeni umasipala ongcono.

Ukuguqula inhlangano yethu kuwuhlelo oluqhubekayo. Emhlanganweni wakusasa wawo wonke uMkhandlu, siyobeka ezithebeni izincomo ngokuqokwa kweMenenja kaMasipala kanjalo nalowo owengamele ezezimali.

Abasebenzi bethu abangama-733 kukhombisa ukuthi kunodaba olubucayi mayelana nobungako bamadoda uma eqhathaniswa nabesifazane nokuyibo angamaphesenti angama-24 nje vo kubo bonke abasebenzi. Nakuba lokhu kwenziwe wumlando wethu, kumele senze konke okusemandleni ukuzama ukulungisa isimo nokuthi siqashe abanye besifazane abayaziyo imisebenzi yabo, kusukela ezikhundleni ezisezingeni eliphansi kuya kwabaphethe.

Ukuqasha abantu kuhloswe ngakho ukugcwalisa izikhala ezibucayi eMnyangweni wezoKusebenza kwamanzi nokuyinto esaqhubeka, ngesikhathi sandisa amandla ethu ukuze sikwazi ukuqalisa amaphrojekthi ethu okutshala izimali kwingqalasizinda. Nakuba sibhekene nokushoda kwabantu abayizingcweti emisebenzini yabo, sizoqhubeka nokuthuthukisa amakhono ebesivele siphezu kwakho ukuze sikhiqize onjiniyela nezazi zobuchwepheshe okuzoba ngezethu.

Somlomo, kuyangithokozisa ukubika ukuthi umsebenzi wethu wokufaka isandla kuMasipala wasEzinqoleni uqhubeka kahle. Ukuhlolwa kwalezi zinselelo okunemininingwane kuleso sikhungo sekuphothuliwe kwaze kwaqokwa nowangaphandle ozokwenza umsebenzi osebenza ngokuthola osekulahlekile kuleyo naleyo ndawo ekulowo masipala. Sibheke ukuqeda lo msebenzi zingama-31 kuNdasa 2008.

UKUTHOLAKALA KWEZIMALI NOKUPHATHWA KWAZO

Umumo wezincwadi zethu zezimali usube sesimweni esamukelekayo isikhathi eside. Kusihlaba umxhwele ukuthi sithole umbiko wezimali oyiwo wonyaka wethu odlule wezimali. Imizamo yethu yokuguqula ezezimali iyaqhubeka nokuba yiyona nto esiholayo kulo msebenzi wokuphathiswa okwezikhali zamaNtungwa kwezimali zomphakathi.

Komasipala bethu basemakhaya, siyabonga umsebenzi osuwenziwe obhekiswe ekuqalisweni ukusebenza koMthetho obhekelel imali ekhokhwa yilabo abanemizi kuMasipala. Sibheka nezinhloso zalo Mthetho, kusemqoka ukuthi bonke abangahlomula lapha basebenze ngokubambisana ukuze lo Mthetho uqale ukusebenza, nokuyinto ezoqinisekisa ukuthi izinto zenzeka ngendlela efanayo, kunokulingana, ukusebenza ngokungafihli lutho nokuba lula kokukhokha le mali. UMthetho uphinde uhlose ukwenza ngcono izimpilo zabantu abadla imbuya ngothi nabebenganikiwe amathuba phambilini. Ukuze lokhu kube yimpumelelo omasipala bethu basemakhaya kumele bafake neSikhungo sobaHoli beNdabuko ukuze bahambisane nokwenzekayo.

Uma sikhuluma ngokwehlisa imali yokwenza amabhizinisi, sizoqhubeka nokusebenzisa amasu anobuhlakani ekuphathweni kwezimali zabantu. Kulo nyaka esiya kuwo, sizokhuphula amasokisi ekubeleseleni izimali esizikweletwayo sikubeke emaphesentini angama-97.

Ngokwenza lokhu Somlomo, sazi kamhlophe ngesibalo sabantu abahlwempu, kungalesi sizathu-ke sizoya eMkhandlwini kusasa, ukuyokwamukela iNqubomgomo yaBantu abaHlwempu, ezobhekelela ukwandiswa kwenani labazohlomula kulokhu, kusukela ku 6kl kuya ku 12kl emizini enemiholo ethi uma isihlanganisiwe ingazidluli izinkulungwane ezi-R2 000. TLeli elinye la mangwevu emxhakeni wethu wokuhlomulisa abaHlwempu. Uma sisebenzisana nohulumeni basemakhaya, sinesiqiniseko sokuthi lokhu kuzothinta isizinda sobubha obudlangile ezindaweni zasemadolobheni.

ISIPHETHO

Somlomo, ngesikhathi kumiswa uMkhandlu eminyakeni emibili edlule, emva kokuphumelela ukhetho ngoNdasa kowezi-2006, saqala ukusebenza sinenhloso eyodwa vo – yokuthi siqhubezele phambili intuthuko uma kuza ezindabeni zokulethwa kwemisebenzi kubantu nentuthuko. Ukusebenzisa igunya lamandla esilinikwe abantu bakithi ngokuvumelana liyaqhubeka nokusikhwezela kuzo zonke izinhlelo esizenzayo. Asikwazi ukubadumaza ngoba umlando wethu uyosiveza njengezilahlwanaboya.

Inhlangano yethu nokufanele ikwenze sekukhulile. Ngalokhu kukhula kuqhamuka namasu ahlakaniphile, ngokuphatha nobuholi. Umbusazwe wethu usuguqukile. Inkokhelo yezimpikiswano ezingayi ndawo ayinakusiyisa ndawo. Ngimema bonke abantu ukuthi baphonse itshe esivivaneni.

Njengoba uMongameli wezwe asho, sicela wonke umuntu “afake isandla” ekuqhubekiseleni phambili lesi senzo esihle sokusebenzela abantu bakithi.

Uma sibumbene futhi siweseka lo mbono, nginesiqiniseko sokuthi abantu abakhele isifunda Ugu abasoze bajabhe.

Ngiyanibonga ngokulalela kwenu.
IKhansela SB Cele
IMeya